Iqembu elibhekisisa lidlulisele eliqukethe abamele amaqembu ezombusazwe lizokwethulwa.
Ngomhlangano wokuqala weqembu leli, amalunga kufanele aqoke uMphathisihlalo okuzoba nguyena ozokongamela yonke imihlangano yeqembu.
Bazokwamukela zonke izicelo zikashwele esezihloliwe ezibuya eMnyangweni weZobulungisa kanye nokuthuthukiswa koMthethosisekelo.
Bazobheka isicelo ngasinye bese bedlulisela kuMongameli umbiko ozomsiza ukwenza isinqumo okuyisona.
Leli qembu kuyomele lona ngokwalo lizenzele imithetho kanye nezinkambiso elizoyisebenzela phezu kwazo uma kubhekwa isicelo ngasinye ngenjongo yokunika umbiko oyiwona obhekene nesicelo ngasinye.
Iqembu leli kuyomele lazise uMnyano wezobulungisa kanye nokuthuthukiswa koMthethosisekelo ngale mithetho kanye nezinkambiso ezinsukwini eziyi-14 liqale ukuhlangana.
Wonke amalungiseleo aphathelene nomsebenzi weqembu azokwenziwa nomphathi ozobe ekhethiwe ngaphakathi koMnyango wezobulungisa kanye nokuthuthukiswa koMthethosisekelo.
Leli qembu lizosebenza ngomhla wokuqala kuze kube ngowokugcina lapho umsebenzi walo usuphethiwe. Zombili lezi zinsuku zimbandakanyiwe, usuku lokugcina lungeqi umhla-ka 30 Septhemba ngo-2008.
Uma isicelo sihambisana nemigomo ebekiwe efomini, lowo othweswe icala angafaka isicelo kuMongameli ngendlela emisiwe.
b icala okukhulunywa ngalo esiqeshini a kumele kube ngelenziwa ngaphambi kosuku lokubekwa kukaMongameli ngezi-16 Juni ngo-1999; futhi c isicelo sihambisana ne-afidavithi noma incwadi yesiqinisekiso evela kulowo obekwe wumkhandlu, iqembu lezombusazwe noma elinye iqembu elilwela inkululeko ukuqinisekisa ukuthi ngempela lowo ocela ushwele ubeyilunga elisebenza ngaphansi kwemiyalelo ebenikwe yona.
a ngabe icala ethweswe lona: i.
kanti futhi c uma ngabe ofaka isicelo engahambisananga nemigomo ebekiwe ngaphambi kwezinyanga ezintathu ezibekelwe abafaka isicelo.
Izicelo eziyokwamukelwa yilezo ezizobe zigcwaliswe ngendlela ekuyiyona kanti futhi zilandela yonke imigomo ebekiwe ezinyangeni ezintathu zokuhlolwa.
Isicelo esifakwe ngulowo obekwe icala yisona esizobhekwa. Isicelo kumele sifakwe yilowo othweswe icala njengoba kumisiwe wuMnyango wezobulungisa nokuthuthukiswa koMthethosisekelo.
Iqembu lezombusazwe lelo obekwe icala ayilunga lalo nalo lingamfakela isicelo lowo othweswe icala eMnyangweni wezobulungisa nokuthuthukiswa koMthethosisekelo.
liqinisekise ngaphansi kwesifungo ukuthi ukuboshwa kwalowo oyilunga labo kuyahambisana nezehlakalo zezombusazwe iqembu lelo elaliyingxenye yazo.
Zonke izincomo ezenzelwe izicelo zikashwele kumele zidluliselwe kuMongameli.
Izincomo zeqembu elibhekisisa lidlulisele zizokwenziwa ukulandela isicelo ngasinye sikashwele.
UMongameli unawo amandla kanye negunya lokuba angenqaba izincomo ezenziwe yiqembu elibhekisisa lidlulisele.
Emvakokubheka zonke izincomo ezenziwe yiqembu elibhekisisa lidlulisele uMongameli unawo amandla kanye negunya lokunika noma ukwenqaba isicelo leso sikashwele.
Akekho umuntu onelungelo lokuba athole ushwele kaMongameli.
